Video: Izibongo Zenkosi uSenzangakhona kaJama {Senzangakhona praise poem}

Umjokwana kaNdaba
Usal’ukutshelwa
Usal’ukunyenyezelwa
Umenzi kaNdaba
Ubhid’ elimathatha nangezinyembezi
LinjengelikaPhiko waseBulawini
Inyathi ehamb’isengamazibuko
Injengomzingeli kumaMfekana
Ozithebe zinhle Umjokwane
Ozithebe zinhle zidlel’amancasakazi
Odl’umfazi umkaSukuzwayo
Wamudl’usukuzwayo kanye nendodana

Video: Izibongo zeSilo uShaka kaSenzangakhona {King Shaka’s praise poem}

https://www.youtube.com/edit?o=U&video_id=5AXOpIsTGhU

UDlungwana KaNdaba!

UDlungwana woMbelebele,

Odlung’ emanxulumeni, Kwaze kwas’ amanxulum esibikelana.

UNodumehlezi kaMenzi,

UShaka akashayeki kanjengamanzi,

Ilemb’ eleq’ aamnye amalembe ngokukhalipha;

UShaka ngiyesaba ukuthi nguShaka, UShaka kuyinkosi yasemaShobeni.

UNomakhwelo ingonyama; UMahlome’ hlathini onjengohlanya;

Uhlany’ olusemehlwen’ amadonda.

UDabaz’ ithafa ebeliya kuMfene;

UGaqa libomvu nasekuphatheni.

UBholokoqa bazalukanisile Zalikaniswe uNoju noNgqengenye;

EyakwaNtombazi neyakwaNandi;

Yayikhiph’ eshaba libomvu,

Ikhishwa elimhlophe lakwaNandi.

Bambiz’ eMthandeni beyisela, Bathi ‘Singesinelane neNtungwa lasenhla’, Kanti uzawudl’ uPhakathwayo empindelweni.

UDlungwana wavuma na?

Umvumeleni uGodolozi, Ethi ngowanganeno kwaNandi, Kant’ ukude kwaNtombazana ?

Kalokhu liphahl’ eliseMthandeni.

Amazwi mabili engiwabongayo, Ngibong’ elikaMpandaba nelikaNdungenkomo,

Bethi ‘Ucu aluhlangan’ entabeni’; Akenibuze kwabaseZinkondeni,

Bath uHilwayo bayakumhlaba kwaHlokohloko,

Kwaf’ amasi kwaf’ uqephe.

UTeku lwabafazi bakwaMgabhi, Betekula behlez’ emlovini,

Beth’ uShaka kakubusa kakuba nkosi, Kanti unyakan’ uShaka ezakunethezeka.

Inkom’ ekhal’ eMthonjaneni, Izizwe zonke ziyizwil’ ukulila,

Iziwe uDunjwa waseluYengweni, Yezwiwa uMangcengeza wakwaKhali.

UMlilo wothathe kaMjokwane; UMlilo wothathe ubuhanguhangu, Oshis’ izikhova eziseDlebe, Kwaya kwasha neziseMabendlana…