Nina beLembe eleqa amanye amalembe ngokukhalipha!
Sekwaba yinsakavulela umchilo wesidwaba ukuthi abantu abampisholo ubezwe bevitiza ngesilungu noma kuhlangene amaZulu wodwa. Ngikhuluma nje kweminye imizi ulimu lukaMageba selwafana nomzondo, kuthi noma abazukulu bevakashele oninakhulu kuhambe isilungu phambili wena owabona umchamo wasekuseni, zivele ziyime emthumeni ke kwintombi endala kube sengathi icala ukuthi ayisazi isilungu. Okungimangazayo ukuthi nalaba engangifunda nabo le emakhaya kwelakithi elingafelwa nkonyane namhlanje abasakwazi ngisho nokubhala amanye amagama esiZulu ngoba bekubona kuyichilo ukuba wumZulu ophelele nozigqajayo. Kanti ukube ngangingemZulu ngangiyoba yini?
Nina bakaNogwaza Eguqile Okwethole LikaNdaba!
Nina BakaHlamvana Bhul’umlilo Endulinde!
Nina BakaLanga Lisehlule Sesingamavikithi
Nina BeNkayishana KaMenzi Eyaphuz’umlaza Ngameva
Nina BakaBhejane Phum’esiqiwini
Ake sikusukumele ukuqhakambisa ulimu lwethu ngoba uma sizithela ngabandayo amanye amagama anothisa lolulimu ayogcina eshabalele. Lolulimu salunikwa okhokho, olubalwa kubo uNodumehlezi kaMenzi owaba neqhaza nokuqamba amagama alinganiselwa ezinkulungwaneni ezilushumi nesishiyagalolunye (19000), washoda nje ngamagama alinganiswa ezinkulungwaneni ezimbili (2000) ukuze inani lawakhe lilingane nalawo aqanjwa umbhali uWilliam Shakespeare kwamahlophe abelungu.
Namhlanje ake sibheke amagama amqondo fanana, noma achaza into eyodwa. Amanye alamagama asabaluleke kakhulu kwaZulu ngenxa yokuthi ayeyindlela yokuhlonipha.
isibonelo: uma igama likababezala kamakoti kuwuManzi, wayengeke alisebenzise kodwa uma ekhuluma ngamanzi wayezothi amandambi noma amacubane.
Angingabe ngisaphlisa maseko, angihlale amagqozo kulawa engiwakhumbulayo ngezansi;
- Indlela / Inyathuko = path
- Gibela / Khwela = to hop on
- Umiyane / umndozolwane = mosquito
- Uvalo / ingebhe / itwetwe / ukungenwa amanzi emadolweni = fear
- Umangobe / ikati = cat
- Inja / Ingcanga = dog
- Inkukhu / impandane / isiphandamazala = chicken
- Unyoko / umama waloyo okukhuluma naye / mother of the person you are talking to
- Unina / umama wakhe = his/her mother
- Impakama / ilanga / intshida = sun
- Ukukhophoza / ukubheka phansi ngokushaywa amahloni = to stir on the ground shyly
- Amabhodwe / izimbiza / amakhanzi = pots
- Umhluzi / isobho = gravy / soup
- Ingonyuluka / iqiniso elimsulwa = honest truth
- Isihluthulelo / isikhiye = key / lock
- Iseqamgwaqo / unondindwa / umuntu wesifazane ongaziphethe kahle = a promiscuous woman
- Isipatsha / isipawupete / intombi enhle kakhulu = a beautiful young woman
- Umalokazana / umakoti = dauther-in-law
- Ingodosi (ingoduso) / umuntu wesifazane oselotsholwe / wife-to-be / fiancée
- Indle / itshe lentaba = a polite word for “shit”
- Umbungu = featus
- Inani / intengo = price
- Ikhala / impumulo = nose
- Amehlo / amaqaphelo = eyes
- Imali / inkece / uphacane = money
- Amafutha / amathambiso / amagcobo = oil
- Amaqanda / amachoboka = eggs
- Umfana / umkhapheyana = boy
- Utshwala / amanzi amponjwana = alcohol
- igwala / ivaka = coward
- Umthondo / ipipi / iphobane = penis
- Ukuzigqaja / ukuziqhenya = to be proud
- Ugqozi / ufuqufuku / ilukuluku / umqhanagu = enthusiasm / oomph / having great energy
- Ikhehla / ixhegu = a very old man
- Iziqabeko = sanitary pads
- Indoda / injeza = man
- Inkinga / ingwadla = problem
- Indlu / inkathelo = house
- Phuza / natha = drink
- Isinkwa / isiphoco = bread
- Ukweshela / ukuqomisa / ukukhuzela (shouting of love vocatives) = to woo a girl/woman
- inyama / incoso = meat
Ngiyethemba nawe unawo awakho ongasicobelela ngawo kumaComments;
Nime njalo! Nina Besilo!
Soka Mthembu
Siyanconcoza Mkhulisi
Elinye igama lo khamba, nelinye lethanga